Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.
UNumeri 17:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.” IsiZulu 2020 USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni phambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kwabahlubukayo; futhi uyosusa ukububula kwabo kimi, ukuze bangafi. |
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.
UMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.’ ”
Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.
Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.
“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?
Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.
imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.”
ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.
Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.
UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.
eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;
Base bethatha bonke abantu ababi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: “Njengokuba bengahambanga nathi, asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.”