Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
UNumeri 15:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umpristi uyakwenzela umuntu ophosisayo ukubuyisana, nxa ona kungengamabomu phambi kukaJehova ukumenzela ukubuyisana, athethelelwe. IsiZulu 2020 Umphristi uyomenzela lowo muntu ophosisileyo ukubuyisana, ngokuba wone engahlosile phambi kukaSimakade; uyomenzela ukubuyisana, athethelelwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Umpristi uyakuwenzela umphefumulo owona ngokungazi ukubuyisana, uma wona ngokungazi phambi kukaJehova ukumenzele ukubuyisana; njalo uzathethelelwa. |
Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,
Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.
Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.
Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu, nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.