Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
UNumeri 14:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu. IsiZulu 2020 bathi kulo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli: “Izwe esadabula kulo silihlola, liyizwe elihle kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Basebekhuluma kulo lonke ixuku labantwana bakoIsrayeli besithi: Ilizwe esadabula kulo ukulihlola lilizwe elihle kakhulu. |
Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”
UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,
Athatha ngezandla zawo ezithelweni zezwe, azehlisela kithi, asibuyisela izwi, athi: ‘Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’
Bathi: “Sukani, senyukele kubo, ngokuba silibonile izwe; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe.