UNumeri 14:45 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma. IsiZulu 2020 Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba ehla, futhi bawanqoba, abadungadulisa kwaze kwaba seHorma. |
Wathi: “Isandla singasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sokuthi uJehova uyakulwa no-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.”
U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”
Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.”
UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.*
Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.
Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?
Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.
UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.
UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.
AmaFilisti azihlela ukuhlangana no-Israyeli; impi yaqhubeka, u-Israyeli wahlulwa phambi kwamaFilisti abulala empini ngasendle kungathi abantu abayizinkulungwane ezine.