UNumeri 14:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.” IsiZulu 2020 Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.” Contemporary Zulu Bible 2024 Mina, iNkosi, ngathi: Ngokuqinisekile ngizokwenza lokhu kuyo yonke le nhlangano embi engibuthelene yona; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona. |
Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.
Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe, kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.
uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.
Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.