UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
UNumeri 13:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane. IsiZulu 2020 Babuya ekulihloleni izwe sekuzophela izinsuku ezingama-40. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane babuya ekuhloleni izwe. |
UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.
Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.
Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.