UNumeri 11:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu. IsiZulu 2020 Kepha inyama isephakathi kwamazinyo abo, bengakayihlafuni, ulaka lukaSimakade lwabavuthela abantu. USimakade wabashaya abantu ngobhubhane olukhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Inyama isaphakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokushaywa okukhulu kakhulu. |
Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.
Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini; ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.
Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.
UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.