Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.
UNumeri 11:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda. IsiZulu 2020 USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi. Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yehla ngefu, yakhuluma kuye, yathatha okoMoya ophezu kwakhe, yakunika amalunga angamashumi ayisikhombisa; lapho uMoya uhlezi phezu kwabo, baprofetha, kodwa abazange bayeke. |
Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.
Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.
Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”
Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.
Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.
Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.
UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,
Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.
Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.