Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
UNumeri 11:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda. IsiZulu 2020 Mina ngokwami, angikwazi ukubathwala bonke laba bantu, ngokuba bayangisinda. Contemporary Zulu Bible 2024 Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyasinda kimi. |
Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.
Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Yebo, yena uyakulakha ithempeli likaJehova, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nompristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona ukululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’
kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na?