Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
UNumeri 10:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu.* IsiZulu 2020 Ifu likaSimakade laliphezu kwabo emini, lapho besuka enkanjini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ifu leNkosi laliphezu kwabo emini ekuphumeni kwabo ekamu. |
Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.
Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi: “Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.”