Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha, ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu, noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
UNumeri 10:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. IsiZulu 2020 Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo lukaDani, ngamabandla ayo, lona lalisemva kwazo zonke ezinye izinkambu. Owayelihola kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Lase likhuphuka ibhanela lekamu labantwana bakwaDani, elingumvuzo wamakamu onke ngamaviyo awo; phezu kwebutho lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amisadayi. |
Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha, ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu, noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaBenjamini kwakungu-Abidani indodana kaGideyoni.
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Asheri kwakunguPagiyeli indodana ka-Okirani.
Ngosuku lweshumi ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani.
Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.
Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba.