UNumeri 1:49 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, IsiZulu 2020 “Yisizwana sakwaLevi kuphela esingayukubalwa, awuyukusibala sona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuphela nje ungasibali isizwe sakwaLevi, ungathathi umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. |
Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.