UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.
UNumeri 1:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha. IsiZulu 2020 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babeyizi-74 600. Contemporary Zulu Bible 2024 ababalwayo kubo besizwe sakwaJuda, ababalwayo kubo, baba yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisithupha. |
UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.
Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Kubantwana bakwa-Isakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.