Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
UNumeri 1:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaGadi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu. IsiZulu 2020 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaGadi, babeyizi-45 650. Contemporary Zulu Bible 2024 ababalwayo kubo besizwe sakwaGadi, baba ngamashumi amane anamahlanu amawaka, anamakhulu mathandathu, anamanci mahlanu. |
Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.