Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
UNumeri 1:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu. IsiZulu 2020 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaSimeyoni, babeyizi-59 300. Contemporary Zulu Bible 2024 ababalwayo kubo besizwe sakwaSimeyoni, baba ngamashumi amahlanu anesithoba amawaka, anamakhulu mathathu. |
Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.
Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.