USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa-Israyeli ngokubalwa uDavide uyise ayebabalile ngakho; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.
UNumeri 1:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi. IsiZulu 2020 njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose, wababala ehlane iSinayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengalokho uJehova emyalile uMose, wababala ehlane laseSinayi. |
USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa-Israyeli ngokubalwa uDavide uyise ayebabalile ngakho; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.
Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.
“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.
Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.
Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.