Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mabangawavuli lize liphakame ilanga, kusihlwa basheshe bavale imigoqo nezicabha, ngesikhathi abaqaphi besaqaphile ezindaweni zabo. Ngabuye ngathi mabaqoke abaqaphi phakathi kwabantu abahlala eJerusalema, babamise ezindaweni ezithile, abantu behle benyuka bezungeza indawo eseduze nemizi yabo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngathi kubo: “Amasango eJerusalema makangavulwa lize lishise ilanga; futhi lapho bemi lapho, kumelwe bavale iminyango bayivale; nibeke abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo endaweni yakhe yokulinda, kube yilowo nalowo malungana nendlu yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 7:3
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo, ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.


Emva kwabo kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.


ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.


Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.