Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.
UNahume 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngabamahhashi abasukelayo, nenkemba enjengelangabi, nomkhonto onyazimayo, abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu, kungekho ukuphela kwezidikadika; bakhubeka ngezidikadika zabo, IsiZulu 2020 Abagibeli bamahhashi bayawagadulisa, kumenyezela inkemba, kunyazime ukhonto, baningi ababuleweyo nezindumbu ezidindilizile, akukho ukuphela kwezidumbu; abantu bayakhubeka ngezidumbu zabo, Contemporary Zulu Bible 2024 Umgadi wehhashi uphakamisa inkemba ekhazimulayo kanye nomkhonto ocwebezelayo, futhi kukhona uquqaba lwababulewe nenani elikhulu lezidumbu; nezidumbu zabo azipheli; bakhubeka phezu kwezidumbu zabo; |
Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.
Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.
Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
Ngokuba uJehova uyakwahlulela inyama yonke ngomlilo nangenkemba; ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.
Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.
Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.
Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.