Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
UNahume 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wo kumuzi wezingazi! Wonke ugcwele amanga nempango, ukuphanga akupheli. IsiZulu 2020 Maye kuwe muzi ochitha igazi! Wonke ugcwele inkohliso nempango, ukuphanga akupheli. Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kuwo umuzi wegazi! konke kugcwele amanga nokuphanga; impango ayisuki; |
Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe; kungakasi azisekho. Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.
Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo; uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova, esonile kuye, nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?
“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo, yabindela izingonyamakazi zayo; yagcwalisa imiphandu yayo ngempango nemigede yayo ngengcugco.
“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”