Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
UNahume 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usho kanje uJehova, uthi: “Noma benamandla, futhi bebaningi, nokho bayakuqedwa, banyamalale; noma ngikuhluphile, angisayikukuhlupha. IsiZulu 2020 Usho kanje uSimakade: “Noma benamandla, futhi bebaningi, kodwa bayakuqothulwa bashabalale, nakuba ngikuhluphile, kepha ngeke futhi ngisakuhlupha. Contemporary Zulu Bible 2024 Usho kanje uJehova, uthi: “Noma bethula, bebaningi kangaka, nokho bayakubhujiswa lapho edlula. Noma nginicindezele, angisayikunicindezela; |
Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.
Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe, nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa njengokushisa komlilo.
Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe; kungakasi azisekho. Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.
Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.
“I-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.
Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.
Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula* yinkosi yase-Asiriya ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu.
utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.
UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.
Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.