Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, zinqunywe zonke izitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, ziqedwe nya zonke izitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Isandla sakho siyakuphakanyiswa phezu kwezitha zakho, futhi zonke izitha zakho ziyonqunywa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 5:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.


Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.


ngibuyisele isandla sami kuwe, ngicwengisise impela amanyela akho, ngisuse lonke ithini* lakho,


Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga, baphange kanyekanye abantu basempumalanga, belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi, abakwa-Amoni babalalele.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


“Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.