Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 5:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho, kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngiyakushabalalisa ukulumba okwenza ngezandla zakho, kungabe kusababikho ababhula kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngizakusiphula imilingo esandleni sakho; futhi ngeke usaba nabahlolayo;

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 5:12
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ziphele izithombe, zithi nya.


Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe; uyakhothamela kuso, akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: “Ngophule; ungunkulunkulu wami.”


Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


“Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


“Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.


Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.