Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”
UMikha 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa. IsiZulu 2020 Akukapholi maseko abantu bami sebephenduke isitha; bahlubula ingubo esembathweni salabo abadlula bethi baphephile, bebuya empini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaleso sikhathi abantu bami bavuka njengesitha; nihlubula ingubo yabadabula belondekile njengamadoda ahlubuka impi. |
Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”
uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
Ifa lami likimi njengengonyama ehlathini; lingiphumisele izwi; ngalokho ngiyalizonda.
nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo,
enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”
Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.