“Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
UMikha 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha; eBeti Afera huquzelani othulini. IsiZulu 2020 Ningasho lutho eGathi, ningalokothi nilile. Zinginqeni othulini eBhethi Leyofra. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningakukhulumi eGati, ningakhali nakanye; zigingqe othulini endlini ka-Afra. |
“Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.
Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.
Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”