Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”
UMalaki 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.’ IsiZulu 2020 “Kodwa nina niyalihlambalaza ngokukhuluma kwenu nithi: ‘Itafula leNkosi lingcolile, nokudla kwalo kudelelekile.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa lina liyalingcolisa ngokuthi: Itafula leNkosi lingcolisiwe; nesithelo sawo, yebo, ukudla kwawo kunengekile. |
Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”
I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”
bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.
“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.
Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,
Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.
Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.
Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.