Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoweli 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Iminikelo yokusanhlamvu nokuphuzwayo ayisalethwa endlini kaSimakade; abaphristi, izinceku zikaSimakade bayalila.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Umnikelo womlilo nomnikelo wokuphuzwayo kunqunyiwe endlini kaJehova; abapristi, izinceku zikaJehova, bayalila.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoweli 1:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;


“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.


Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova, niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.


Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?


Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?


Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”