Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?
UJobe 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane. IsiZulu 2020 Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma ethanda ukuphikisana naye, akanakumphendula nelilodwa enkulungwaneni. |
Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?
Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntu ukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.
Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.
Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile.
O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”
ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.