UJobe 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna. IsiZulu 2020 Ngibabonile abahlwanyela inkohlakalo, nabalima inkathazo, bavuna inhlupheko. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengoba ngibonile, abalima ububi bavuna, bahlwanyele ububi. |
ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze, ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa.
“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”
“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.
Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.