UJobe 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na? Babhujiswaphi abalungileyo na? IsiZulu 2020 Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wabhujiswa engenacala na? Babhujiswa kuphi abalungileyo na? Contemporary Zulu Bible 2024 Khumbula, ngubani owake wabhubha ngenxa yokuthi wayengelacala? noma banqunyelwephi abalungileyo na? |
Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.
Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.
Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.
Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”
iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,