Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
UJobe 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka; kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo. IsiZulu 2020 “Uma sekufike kuwe, awusenasineke. Uma sekuthinta wena uyadangala. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa manje sekufikile kuwe, futhi uyadangala; kuyakuthinta, uyesaba. |
Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
“Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.
senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo,