UJobe 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela, namazinyo amabhongo ayaphuka. IsiZulu 2020 Ukubhodla kwengonyama, nomsindo webhubesi, kuyathula, namazinyo amabhongo amabhubesi ayephuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukubhonga kwengonyama nezwi lengonyama ebhongayo namazinyo amabhongo engonyama kwephukile. |
Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.
Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.