Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
UJobe 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, lobo busuku mabungabi nalutho, kungangeni ukujabula kubo. IsiZulu 2020 Yebo, lobo busuku mabube yinyumba, kungezwakali msindo wenjabulo kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, lobo busuku mabube bodwa, makungangeni kubo izwi lokujabula. |
Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
Ukujabula kwezigubhu kunqamukile, ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile, nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.