UJobe 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise. IsiZulu 2020 Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse. Contemporary Zulu Bible 2024 Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise. |
Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa, lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.
Ubumnyama bubekelwa umkhawulo; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, ukukhanya makungakhanyiswa kulo.
Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.
Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.
Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’
Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”
Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.
Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.
usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.
nimfune owenza isiLimela neMpambano, ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa, ayenze imini ibe mnyama njengobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe
Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”
isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”
ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”
Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,