UJobe 26:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze. IsiZulu 2020 Wendlala inyakatho phezu kweze, aphanyeke umhlaba ezeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho, walengisa umhlaba phezu kweze. |
Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.
Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?
Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,
Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.
Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi: