Kuphakeme njengezulu – ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?
UJobe 26:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo. IsiZulu 2020 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha. Contemporary Zulu Bible 2024 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo. |
Kuphakeme njengezulu – ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?
Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula
Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni, kusishulwe yonke inzuzo yami.
Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na? Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*
Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.
uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.
Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.
futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.
Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.