Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.
UJobe 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. IsiZulu 2020 USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. |
Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.
Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.”
Kepha izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu, siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”
Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”
Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.