“Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?
UJobe 16:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amazwi angumoya nje awayikuphela yini? Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na? IsiZulu 2020 Awukho yini umkhawulo emazwini ayize na? Ucunulwa yini ukuze ungiphendule na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ingabe amazwi ayize ayoba nesiphetho? kumbe yini ekuqinisayo ukuthi uphendule? |
“Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?
Nicabanga yini ukusola amazwi, lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?
Kwakungekho obengamphendula ngazwi; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.
abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.
ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.
Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.