Kodwa nami nginengqondo njengani, angahlulwa yinina; ngubani ongazazi izinto ezinje na?
Kepha nami nginengqondo njengani, aningedluli ngalutho. Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?
Kepha nami nginakho ukuqonda njengani; Angincinyane kunani; yebo, ngubani ongazazi izinto ezinjalo?
Wazini esingayazi thina na? Uqonda ntoni engekho kithina na?
Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso, funa ufane naso.
Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.