UJobe 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na? IsiZulu 2020 Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizakuthi kuNkulunkulu: Ungangilahli; ngibonise ukuthi ungixabanisani. |
Noma ngonile, ngenzeni kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?
Kepha wena Jehova, Nkosi yami, ngiphathe ngokwegama lakho; njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.
Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.