Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”
UJobe 1:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.” IsiZulu 2020 wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova wathatha; Malibongwe iGama leNKOSI. |
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”
Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?”
Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.
Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”
Inkosi ayilalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuJehova, ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami, na?”
AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.
Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’
Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.
futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo.
Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe.
Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga, nasogwini lolwandle igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova, esonile kuye, nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?
yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.
Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?
Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’
nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,
kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.
Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?”
Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.
USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”