ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.
UGenesise 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela. IsiZulu 2020 Kwavaleka iziphethu ezisezinzulwini, kwavaleka namafasitela ezulu, yanqamuka imvula. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwavalwa nemithombo kazamcolo namafasitele asezulwini, kwavalwa imvula ezulwini; |
ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.
Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”
Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,
Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,
Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”