Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.
UGenesise 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ” IsiZulu 2020 kodwa uNkulunkulu wathi: ‘Ningasidli isithelo somuthi omile phakathi nensimu, futhi ningasithinti ngoba niyokufa nokufa.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha isithelo somuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu wathi: Ningasidli, ningathinti, funa nife. |
Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.
Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”
“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,