UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
UGenesise 26:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona, IsiZulu 2020 USimakade wabonakala ku-Isaka, wathi: “Ungehleli eGibhithe. Hlala kuleli lizwe engizokukhombisa lona. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizokutshela ngalo: |
UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.
U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.
UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.
UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.
UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”
Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.
UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.