Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.
UGenesise 26:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti. IsiZulu 2020 Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwaba khona indlala ezweni, kuphela indlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama. U-Isaka waya ku-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, eGerari. |
Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.
Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.
UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.
Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.
Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’
Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.