Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa umsebenzi wakhe abewenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe abewenzile.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 2:2
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.


UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.


“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.


Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa.


Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ”


“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”


kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho, ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.


Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.


Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,”