Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”
UGenesise 11:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo. IsiZulu 2020 Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bethi omunye komunye: “Hambani, senze izitini, sizishise.” Izitini zaba ngamatshe, nodaka endaweni yobumba. |
Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”
Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”
IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.
Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
Baqinela icebo elibi; bakhuluma ngokufihla izingibe; bathi: “Ngubani oyakusibona na?”
Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.
Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula.
Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: “Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje.” Kepha nalokho kwakuyize.
Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.
abantu abangithukuthelisa ebusweni bami njalo, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini,
“Izitini ziwile, kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”
Zikhelele amanzi okuvinjezelwa, uqinise izinqaba zakho; ngena odakeni, uxove ibumba, uqinise uhonela.
kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,
Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”