UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.
UGenesise 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo.” kwaba njalo. |
UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.
Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.
obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.
Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.
Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.
Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”
Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, umi ngezwi likaNkulunkulu,
yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi,