Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UGenesise 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wabiza umkhathi, futhi kwaba kusihlwa, futhi kusasa, usuku lwesibili. |
Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.
UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.
UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo.
UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo.
Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.
Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi: