UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,
UGenesise 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.” IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.” Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi: Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi mawuhlukanise amanzi nomkhathi. |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,
UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.
Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla.
Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Uma amafu egcwele imvula, ayayithulula emhlabeni; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho.
Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,
Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.
“Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:
Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, umi ngezwi likaNkulunkulu,