Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”
UGenesise 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi. IsiZulu 2020 Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi. |
Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”
Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.”
Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.
Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.
Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.
Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe.