Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 1:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”


Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.


lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo, nesigayegaye saba yimbeleko yalo,


Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe; kungathi utwa lungwevu.


Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.


Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.


owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi.


Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.”


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


Ngabuka umhlaba; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe.